Umthetho ophathelene namasiko uthintwe kakhulu yisinqumo esakhishwa ecaleni lika Bhe elashintsha indlela okwabiwa ngayo ifa labantu abafile. Laguqula nendlela Umnyango wezoBulungiswa neNtuthuko yoMthethosisekelo eyoqapha ngayo ukusingathwa kwamafa abantu abashonile.
Yini eyenzeka esinqumeni sikaBhe?
Ngesikhathi esaphila, umufi waphila noNkosazana Bhe kanye nenye yezingane zabo ezimbili eKhayelitsha. Kwaba khona ukungabaza ukuthi umasihlalisane kaBhe nomufi babeshadile noma cha. Indodakazi yabo yesibili yayihlala nobaba kamufi eBerlin okuyindawo eseMpumalanga Kapa.
Umufi washona engenzanga isivumelwane sokucaza ifa, ngakho ifa lakhe lacazwa ngaphansi komthetho ophathelene namasiko. Lokhu kwachaza ukuthi ubaba kamufi kufanele athole lonke ifa ngaphandle kukaNks Bhe kanye nezingane zabo.
Ifa lalibunjwe wumkhukhu wokuhlala nendawo okwakhiwe kuyo umkhukhu. Ubaba wayefuna ukudayisa indawo ukuze akwazi ukukhokhela umngcwabo wendodana yakhe. Uma waqhubeka kanjalo, Nks Bhe nezingane babeyoba yimihambima. Nks Bhe wafaka isimangalo enkantolo ukuba izingane zakhe ezimbili zithathwe njengezindlalifa kuphela ezifanele ukuhlomula kwifa likayise.
Inkantolo yoMthethosisekelo yathatha isinqumo sokuthi indlela yomthetho wokucazwa kwefa ngaphansi komthetho wamasiko iboshezelwe yisigaba -23 soMthetho Olawula Abantu Abamnyama, ngakho wawungakulungele ukuhlangabezana nenselele yezinguquko zesimo esishintshayo emphakathini owawudalelwe zona kwasekuqaleni. Ngakho, wawusuphelelwe yisikhathi futhi ungasaxhumani nesimo ngempela sezidingo zasemadolobheni nobudlelwane obushintshayo bemindeni. Isimo sawo samanje sikhombisa ukuthi awuhambisani nenkambo yeningi ngoba ubandlulula ngobulili nokuzalwa.
Lonke ifa lomuntu oshonile liyokwabiwa ngokulandela Umthetho womuntu oshone engabhalanga ukuthi ufuna labiwe kanjani.
Uma oshonile eshiye kuphela amakhosikazi nezingane, amakhosikazi ayohlephulelana phakathi ifa.
Uma ifa lingakwazi ukufinyelela esambeni sama-R 125 000 ngamunye, amakhosikazi ayothola ifa elilinganayo bese zingatholi lutho izingane.
Ngemuva kwesinqumo sikaBhe, amafa abantu abashonile sesiyolawulwa ngaphansi koMthetho waMafa Abashonile ka-1965 (Umthetho- 66 ka-1965, njengoba uchitshiyelwe).
Izimantshi ngeke zisaqapha indlela okusingathwa ngayo amafa abantu abashonile kodwa loNksebenzi ususezithebeni zoMphathi waseNkantolo Ephakeme.
Umphathi weNkantolo Ephakeme akudingi ukuba azibambele ngokwakhe ekuphatheni izindaba zamafa abantu abashonile. Umphathi uyoqoka umuntu ofanele umsebenzi wokusingatha ifa lomuntu oshonile.
Ngesikhathi sokuhlela ifa, umuntu usengakwazi ukuzihlelela indlela eliyocazwa ngayo ifa ngaphansi komthetho wamasiko. Lokhu kufanele kuqoshwe phansi kwi-Wili.
Umphathi weNkantolo Ephakeme unesibophezelo soMthethosisekelo sokuqinisekisa ukuthi umthetho ophathelene namasiko uyathuthukiswa. Lokhu kufanele kwenziwe ngokuvumela umndeni oshonelwe ukuba uvumelane ngendlela okufanele labiwe ngayo ifa lomuntu oshonile. Akufanele kodwa Umphathi weNkantolo Ephakeme avumele amathimba abuthaka njengezingane nabantu besifazane ukuba bahlukunyezwe ngenxa yesivumelwano somndeni.
Kusemqoka ukuba bonke abantu baseNingizimu Afrika baziqonde lezi zinguquko ukuze bahlele amafa abo ngendlela efanele.
Umphathi oMkhulu weNkantolo Ephakeme usesungule inombolo yocingo lapho kutholakala khona usizo.
